Umphakathi waseChatsworth uvuke umbhejazane ngemuva kokushona kwengane

2018-04-09 14:04

eThekwini -  Sesizothile isimo endaweni yaseShallcross eChatsworth ngemuva kwemibhikisho eqale ngeSonto umphakathi ushisa ngisho izikebhe.

Lo mbhikisho uqale ngambamba ngehora lesithathu emijondolo yaseLink Road umphakathi udinwe ugane unwabo ngokushona kwentombazanyana eshayiswe yimoto.

Kuthiwa laba babhikishi bathathe izikebhe ebezisemzini othile zavala ngazo umgwaqo zazishisa.

OLUNYE UDABA:Udunelwe imoto obeyohlangana nomngani amthole ezinkundleni zokuxhumana

UKaputeni uNqobile Gwala uthi kuvulwe icala lokubulala ngokungenhloso ngokushona kwale ngane eneminyaka emihlanu ubudala.

"Ngemuva kwalesi sigameko amalungu omphakathi abecasukile avale umgwaqo eshisa isikebhe kanye namathayi emoto. Kuthiwa bebehlasela nezimoto ebezidlula kule ndawo,"kusho yena.

UGwala uthi kuvulwe nelinye icala lodlame lwasemphakathini.

"Yonke imigwaqo isivuliwe futhi sekuyahambeka,"kuqhubek ayena.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.