Umphakathi wokhele ngomlilo ibhungu elisolwa ngokubulala unina

2017-12-08 07:01

Port Elizabeth – Amaphoyisa aseMotherwell, e-Eastern Cape, asekugxekile ukubulawa kwebhungu elineminyaka engu-18 ubudala kwenziwa ngumphakathi obulisola ngokubulala umama walo.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain André Beetge uthe isidumbu sikamama, 56, sitholwe emzini wakhe ngabo-04:45 ngoLwesine.

"Besinamanxeba amaningi okugwazwa emzimbeni. Izakhamuzi azicucuzanga zivele zasola indodana yakhe zase ziphuna inqina ziyoyithungatha," kusho uBeetge.

"Amaphoyisa e-SAPS ahlulekile nokho ukumthola kuqala lo mfana ngaphambi kokuba atholwe ngumphakathi.

OLUNYE UDABA: Umphakathi ubulale abasolwa ngobugebengu

"Isixuku esibalelwa ebantwini abangu-120 sibulale lo mfana ngokumokhela ngomlilo emgwaqeni kubuka wonke umuntu. Lesi sigameko senzeke budebuduze nalapho kutholakale khona isidumbu sikanina," kuqhuba uBeetge.

Umkhuzi wamaphoyisa aseMotherwell, uMajor General Dawie Rabie, usigxekile lesi sigameko.

"Udlame olumayelana nokuziphindiselela ngeke lubekezelelwe. Ukubulala kuwukubulala nje, akukhathaleki kwenzeka ngaphansi kwasiphi isimo.

"Uma ubulala ngoba uthi uyaziphindiselela, uzobhekana nesigwebo esifanayo nalowo osuke ebulele," kusho uRabie.

Amaphoyisa ayaphenya ngalezi zigameko ezimbili zokufa kwabantu.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.