Umphakathi wokhele ngomlilo obesolwa ngokudlwengula

2017-02-12 15:26

Polokwane – Ushonile owesilisa obesolwa ngokudlwengula ngemuva kokuthi umphakathi umokhele ngomlilo ngemuva kokumtalabha ngenduku eMpheni Village, kusho amaphoyisa aseWaterval.

"Ngokolwazi esilutholile, umphakathi ubambe umsolwa obenukwa ngokudlwengula,” kusho owamaphoyisa uBrigadier Motlafela Mojapelo.

"Babe sebemyisa emzini womholi womphakathi obe esekhipha igama lokuthi kumele kubizwe amaphoyisa kube yiwo abhekana nalolu daba.

“Umphakathi unqabile-ke ukubiza amaphoyisa wase uhamba nomsolwa, wamshaya wase umokhela ngomlilo.”

OLUNYE UDABA: Umphakathi ushise umuzi wosolwa ngokubulala indodakazi

Kuthe amaphoyisa esebizelwa endaweni yesigameko, afika selidume ladlula.

Umsolwa ushe waba ngumlotha kulesi sigameko.

UMojapelo ukugxeke kakhulu ukubulawa kwale ndoda.

“Sinxusa umphakathi ukuba ubike ngezigameko zobugebengu, uyeke ukuzithathela umthetho ngezandla.”

Kuvulwe icala lokubulala.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.