Umphathi kaLaffor uchitha eyeChiefs

2017-01-06 15:59

Cape Town – Umphathi wesikhwishikhwishi somgadli weMamelodi Sundowns, u-Anthony Laffor, useyiphikile imibiko eyamanisa lo mdlali nezinkunzi zaseSoweto, iKaizer Chiefs.

ULaffor ube nonyaka oyohlale uyisikhumbuzo kuleli qembu laseChloorkop njengoba ewine isicoco se-Absa Premiership, ese-CAF Champions League waphinde wadlala nakwiFIFA World Club Cup.

Kodwa-ke noma kunjalo, lo mgadli osewine icoco zePremiership izikhathi ezinhlanu, akawuqali njalo umdlalo kwezikaPitso Mosimane njengoba ebanga ijezi nozakwabo okubalwa kubo uPercy Tau kanye noLeonardo Castro nokubukeka sengathi bamumise kabi.

OLUNYE UDABA: Kulindeleke ajoyine iChiefs uLaffor – umbiko

Lo mdlali weqembu lesizwe eLiberia usesalelwe yizinyanga eziyisithupha nje kuphela ngokwenkontileka yakhe neSundowns nokusho ukuthi usekhululekile ukuthi angaqala izingxoxo nanoma yiliphi iqembu elimfunayo.

Yingakho nje sekube nokuqakula kokuthi lo mdlali angase ajoyine iChiefs, nokubikwa ukuthi isinesikhathi eside imuconsela amathe.

UMphathi kaLaffor, uSteven Kapeluschnik, useyichithile le mibiko, wathi lo mgadli uphezu kwezingxoxo zokuvuselela inkontileka yakhe neSundowns, wathi kodwa isimo asikashintshi.

“Sihlale sisezingxoxweni kodwa isimo sisafana naseqaleni.

“Akukho okusashintshile. Angazi ukuthi lokho kuqhamuka kuphi ngempela,” uKapeluschnik utshele iGoal.com.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.