Umphathi uphika 'eyokuvaleka' kowayedlalela iSundowns

2016-11-16 14:32

Cape Town - UJazzman Mahlakgane, ongumphathi womdlali owayegijima kwiSundowns, uPunch Masenamela, useyichithile imibiko yokuthi ikilayenti lakhe liyafa ukuvaleka' ngemumva kwemibiko ngalezi zinsolo.

Iphephandaba iDaily Sun libike ukuthi lo mdlali odlala ngakwesobunxele emumva udlelwe imoto yakhe yohlobo lweBMW 1 Series kanye nendlu eKempton Park ngemumva kokuhluleka ukukhokha imali okumele ayikhokhe ngezitolimende.

Selokhu ashiya iSundowns lo mdlali usebone ikusasa lakhe lehla phezu kokuthi kuye kwaba nesikhathi lapho wayethathwa njengomunye wabadlali abahamba phambili kwabadlala emumva abadle ngokushoshela phambili.

OLUNYE UDABA: Uchitha eyokuziphilisa nge-car wash obekwi-Pirates

Ikusasa lalo mdlali oneminyaka engu-30 ubudala belilokhu ligutshuzelwe ukungaziphathi kahle, kanti waxoshwa kwiPolokwane City ngoFebhuwari ngezinkinga eziphathelene nakho ungaziphathi kahle.

Lesi kwakungesona isigameko sokuqala esafaka lo mdlali ezindabeni ngokuziphatha kwakhe kwangaphandle kwenkundla.

Ngonyaka ka-2014 wasolwa ngokuthi wasenga ezimithiyo ngokuthi athi uthunjiwe ngemumva kwemibiko yokuthi wayevalelene nowesifazane ehhotela, njengoba wayengafuni ukuthi unkosikazi wakhe azi ngalokhu.

Kodwa-ke yize noma kubukeka sengathi lo mdlali udonsa kanzima ngokwezimali, kodwa uMahlakgane uyaphika.

“Ayikho into enjalo. Kunemibiko edukisayo ngaye. I-BMW yakhe yabandakanyeka engozini ngenkathi esadlalela iSundowns. Ngakho kuyini uma ngabe eshayela iFord Bantam?

“Ayikho indlu edliwe. Umdlali wami njengamanje akanakilabhu futhi uqeqesha neqembu lakuVodacom kuze kube uthola ikilabhu,” kuphika uMahlakgane. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.