Umphathi wele-PSL ugxeke kabi umdlali 'osayine namaqembu amabili'

2017-07-28 12:31

Cape Town – Sekuphinde kwaba nemibuzo ngekusasa lalowo owayengukaputeni waMajita, u-Ayabulela Konqobe, kulokhu iqubulwe yilowo ongumnikazi weChippa United, uChippa Mpengesi.

Ngemuva kokuhola iThanda Royal Zulu (TRZ) yaze yanyukela esigabeni sePremier Soccer League (PSL), ngemuva kokuba ngompetha beNational First Division (NFD) ngesizini edlule, bekubukeka sengathi ikusasa lalo mdlali owayeqeqeshwa kwi-Ajax Cape Town selibuyele emugqeni.

Kodwa-ke kuthe uma ngabe iTRZ isidayisa isitifiketi sayo sokudlala kuPSL kwenye yamakilabhu ayedlalelwa uKonqobe, AmaZulu, leli qembu labika ukuthi uzobuyela kuSuthu ngesizini ezayo kuPremiership.

OLUNYE UDABA:IKaizer Chiefs isisayine umdlali weBloem Celtics

Nokho imibiko yakamuva kwabezindaba ithi lesi siqongqwane sasemuva sisayine izinkontileka ezimbili kanti futhi enye yalezo zinkontileka sazisayina neChilli Boys – ngokusho komnikazi weqembu.

“Sinenkontileka yeminyaka emithathu nalo mdlali,” utshele iSoccer Laduma.“Silinde ukufika kwakhe ePort Elizabeth ngaphandle uma engafuni ukudlala ibhola.

“Awukwazi ukusayina inkontileka nekilabhu bese uyahamba uyosayina enye nenye ikilabhu. Lo mdlali manje usesayine naMaZulu.

“Sesivule icala ekomidini lokuqondiswa kwezigwegwe (lePSL). Angeke adlale. Ungumdlali wethu futhi ngimlindile,” kusho uMpengesi nowaziwayo ngokuzikhulumela.

“Angeke ngimvumele umfana ukuthi adlalele enye ikilabhu – kuyokwenzeka ngifile.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.