Umphathi weqembu lePSL uthi abayindawo abadlali ‘abafunwa’ yiSundowns

2017-06-02 14:02

Cape Town – Umnikazi weCape Town City, uJohn Comitis, usephinde wakugcizelela ukuthi abadlali abayizithenjwa kuleli qembu, uLebogang Manyama kanye no-Aubrey Ngoma, abayi ndawo.

UManyama noNgoma babambe iqhaza elibalulekile kwisizini enhle iCity ebe nayo nobekuyisizini yokuqala leli qembu labunjwa, nalapho belisethubeni elihle lokuthatha isicoco seligi kwaze kwaba lehlisa umgqigqo ngasekugcineni.

Manje laba badlali sebedonse amehlo amakilabhu aseGauteng, kodwa uComitis uthi angeke avumele muntu ukuthi ahambe njengoba befuna ukwakhela kulokho abesebekwakhile ngesizini edlule.

“Inhloso yami ukugcina isikwadi sonke ndawonye ngendlela okungakhoneka ngayo,” uComitis ucashunwe esho kanjalo yiTimes Media Digital.

OLUNYE UDABA:Ushanele inqwaba yezindondo uTshabalala emcimbini weChiefs

“Siphila endaweni yebhizinisi futhi siyakuqonda lokho, kodwa ayikho inhloso kumina yokuchitha noma yibaphi abadlali. Uma ngabe kunesiphakamiso esivela e-Europe, ngoba kuphela sinikeza ithuba elivela kanye empilweni kumdlali, lapho ngiyokubheka.

“Angibhekile ukuqinisa elinye iqembu kodwa elami.”

Bobabili uManyama noNgoma basanda kulula izinkontileka zabo kuze kube unyaka ka-2012.

UComitis usanda kushiya angalazi kumqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, ngokuthembisa uManyama “izigidi (zamarandi) ezinganasisekelo” ngaphandle kokuxhumana nale kilabhu.

“Kusobala kakhulu, sengishilo kuLebo ukuthi, ‘Ngifuna nakanjani ukukutholela ikilabhu enhle phesheya kwezilwandle, ngoba likufanele ikhefu’. Ukuhluleka lokho usemcane (26) futhi uyakwazi ukunginikeza omunye unyaka omuhle uphinde uye phesheya kwezilwandle,” uComitis wengeze kanjalo. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.