Umqeqeshi ukhala ngomphuphe webhola elidlalwe yiPirates

2017-05-29 14:06

Durban - Idinga inselelo enzima i-Orlando Pirates ephoxe abalandeli bayo ihluleka ukungena kwi-top 8 ngesikhathi yehlulwa iLamontville Golden Arrows ngo-2-1 kowokugcina we-Absa Premiership ngoMgqibelo ntambama eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

UKjell Jonevret ongumqeqeshi weBhakabhaka ulibeke ngesihloko elokuthi umphuphe webhola abawugijime bedlala ne-Arrows ngeke ubenze basonge isizini ngegiya eliphezulu, kubika ILANGA.

Uthi akafuni ukwenza izaba ngesimo sezulu kwazise belinomoya.

“Kumele ngilungise isimo ngaphambi komdlalo wamanqamu weNedbank Cup esizowugijima neSuperSport United mhlaka 24 Juni. Kumele ngiqikelele ukuthi siqhamuka nohlelo lwemidlalo enzima esizozicija ngayo ngaphambi koweSuperSport.

OLUNYE UDABA: UManyama uwine indondo yeLesley Manyathela Golden Boot

Kumele sifike kuwona sesiwalungise wonke amaphutha ukusonga kahle isizini,” kusho umqeqeshi.

Uthi abadlali bakhe bazenzele okuthandwa yibona kulo mdlalo emuva kokuhamba phambili ngegoli likaThamsanqa Gabuza ngomzuzu ka-19.

Leli goli licinywe ngelikaLerato Lamola elingene ngomzuzu ka-59, kwathi uKnox Kutizwa walibhakuzisa ngomzuzu ka-90 elokunqoba.

Uthi mhlawumbe kuzophoqeleka ukuba athathe abadlali bakhe baye ebhishi ngaphambi komdlalao wamanqamu ukubajwayeza kahle umoya waseThekwini.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.