Umqeqeshi ukhathazekile ngokukhathala kwaBilliat

2016-11-04 13:30

Cape Town – Umqeqeshi weqembu lesizwe laseZimbabwe, uCallisto Pasuwa, usegweme ukukhathala okungase kube khona kwisikhwishikhwishi somdlali weMamelodi Sundown, uKhama Billiat, ngokuthi angamfaki emidlalweni yamazwe yobungani neZambia kanye neTanzania.

Sekube nokukhathazeka kokuthi uBilliat angase ashaywe ukukhathala ngenxa yemidlalo eminingi aseyidlalile.

Lo mdlali akakaze akuthole kahle ukuphumula selokhu kwaphothulwa isizini yonyaka ka-2015/16 ngenxa yokuthi iDowns ibilokhu imatasa nokudlala imidlalo ye CAF Champions League. EzikaPitso Mosimane zikhale zemuka nalesi sicoco, nalapho uBilliat adlala khona indima enkulu.

OLUNYE UDABA: Bashanelile abadlali beSundowns emcimbini we-PSL

Kusengenzeka futhi lo mdlali aqhubeke nokungalitholi ithuba lokuphumula uma ngabe iSundowns seyidlala imidlalo yeClub World Cup. Ngaphezu kwalokho, maningi amathuba okuthi aphinde adlale kwimidlo ye-2017 AFCON uma esedlala eqenjini lesizwe, eZimbabwe.

“Kubalulekile ukusiza ekumlawuleni ukuze ezokwazi ukuvuseleleka futhi abe sezingeni elifanele kuthina uma simdingela imidlalo ebalulekile,” uPasuwa utshele iThe Herald.

Kodwa-ke noma kunjalo, uBilliat uzobe ekhona emdlalweni weTelkom Knockout uma ngabe amaBrazilians esebhekene neSuperSport United. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.