Umqeqeshi uncome iPirates ‘ngokulandela uhlelo lomdlalo’

2018-04-26 09:33

Umqeqeshi we-Orlando Pirates uMilutin Sredojevic uthi ujabule ngendlela abadlali bakhe abayilandele ngayo imiyalelo yakhe ngesikhathi bebeguqisa iBidvest Wits.

Lezi zinkunzi zaseSoweto zibhaxabule amaClever Boys ngo-4-0 e-Orlando Stadium ngoLwesithathu ebusuku.

Lokhu kusho ukuthi lisekhona ithemba lokuthi amaBhakabhaka athathe isicoco seligi.

IPirates manje ilandela ngamaphuzu amane kwiMamelodi Sundowns ehlezi esicongweni ngamaphuzu angu-56 kanti wonke amaqembu asalelwe yimidlalo emibili.

OLUNYE UDABA: Umqeqeshi wePirates uthi badlale njengokuba bebehlelile

“Ngithanda ukuncoma abadlali bami ngoba basebenze kanzima bezilungiselela lo mdlalo. Besazi ukuthi uma sinqoba umdlalo wanamhlanje [izolo] sizoba namaphuzu angu-52.

"Ngemuva kweminyaka eyisithuph sikwazile ukungena kuTop 2 kwi-PSL okusho ukuthi sizodlala e-Afrika,” kusho uSredojevix etshela iSuperSport TV.

“Ngithanda ukubonga abadlali nethimba labaqeqeshi ngoba sizuze into ebaluleke kakhulu namhlanje [izolo]. Balandele uhlelo lomdlalo, badlala ngokuzimisela.”

Uthe uyaziqhenya kakhulu ngabadlali bakhe abame isibindi yize umdlalo bekungathi uzobambozela.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Trainee Auditor

Cape Town
Certified Master Auditors (South Africa) Inc.
R5 000.00 - R15 000.00 Per Month

Learnership for People Living with a Disability

Western Cape
Isilumko Staffing (CPT)
R4 500.00 - R5 000.00 Per Month

Trauma/Emergency RN

Cape Town
Mass Staffing Projects
R300 000.00 - R400 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.