Umqeqeshi usola abadlali ngesifo esihlasele ikilabhu

2018-01-29 16:00

Durban - UFadlu Davids ongumqeqeshi weMaritzburg United usola ukuthi ezakhe sezisuleleke ngesifo sokushweba amathuba esidlangile emakilabhini ePremier Soccer League.

IMaritzburg icazelane amaphuzu neChippa United kuba ngu-1-1 kowe-Absa Premiership ngoLwesihlanu ebusuku eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, kubika iLANGA LangeSonto.

UJames Okwuosa ongukaputeni weChippa ushwebe iphenathi ngesiwombe sokuqala emuva kokuba uBrian Onyango oyisitobha seTeam of Choice ebambe ibhola ngesandla ebhokisini.

IMaritzburg ibe isikhombisa ukuthi isekhaya u-Evans Rusike eshaya umshoshaphansi weshodi ngomzuzu ka-64 awuzwe ngendaba unozinti weChippa, uDaniel Akpeyi.

OLUNYE UDABA: Elase-KZN ligcine limqashe ngokugcwele obebambe esokuqeqesha

Licinywe nguMxolisi Macuphu naye oshaye owakhe umgundatshani wabhajwa enethini ngomzuzu ka-72.

UDavids uzwakalise ukunengeka emuva kwalo mdlalo njengoba esola ukuthi ezakhe kungenzeka ukuthi sezisuleleke ngesifo sokushalazela amapali.

"Lo mdlalo bekufanele siwunqobe ngesiwombe sokuqala. Sishwebe inqwaba yamathuba alula ekubeni umdlalo siwuthwele. Thina asicucuzi phambi kwepali, kungithusile okwenzeke kulo mdlalo.

"Cishe wonke amakilabhu ayakhala ngalesi sifo, thina besingayazi le nto kodwa ngiyizwile ibuhlungu," kusho uDavids.

UTebogo "Tebza" Moloi ocija iChippa uthi ujabule ngokuthola iphuzu ekuhambeni.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.