Umqeqeshi uthi ngeke ehle esikhundleni nakuba zibhimba izinto

2018-01-30 13:59

Johannesburg - Umqeqeshi weSuperSport United u-Eric Tinkler uthi akazimisele ngokushiya le kilabhu nakuba ikhula ingcindezi abhekene nayo njengoba zibhimba izinto.

AMatsatsantsa ashaywe ngo-4-1 ekhaya edlala neBidvest Wits e-Atteridgeville ngoMgqibelo, nokushiye le kilabhu yaseTshwane inamaphuzu angu-21 emidlalweni engu-18.

ISuperSport izinto kaziyihambeli kahle selokhu yehlulwa yi-TP Mazembe kowamanqamu eCAF Confederation Cup ngoNovemba nyakenye.

Nakuba kunjalo, uTinkler uyazethemba ukuthi asangazijika izinto kuleli qembu elingompetha be-MTN8 neNedbank Cup.

OLUNYE UDABA: Siyithatha kancane iligi yethu, isezingeni eliphezulu - Mosimane

"Ngingimuntu owathembayo amava enginawo,” kusho uTinkler, owathatha izintambo kuStuart Baxter ngaphambi kokuqala kwesizini.

“Angikaze ngiliphonse ithawula uma ngibhekene nenselelo empilweni futhi angizimisele ngokuqala manje. Yilo umyalezo engifuna abadlali bawuthole. Kumele bazi ukuthi kumele siwine imidlalo,” esho.

Abanye abalandeli ngempelasonto bezwakalise ukungenami kwabo eLucas Moripe Stadium, kanti lo mqeqeshi uthi uyakuqonda ukudinwa kwabo.

Emdlalweni olandelayo i-United izobhekana noSuthu ngoLwesithathu ngo-19:30.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.