Umqeqeshi waphesheya uthi umdlali weChiefs ufanelwe ukudlala e-Europe

2017-06-06 18:01

Cape Town – Umqeqeshi weqembu lesizwe labaneminyaka engaphansi kwengu-20 e-Italy nowayedlalela elinye lamaqembu amakhulu emhlabeni, i-AC Milan, u-Alberigo Evani, ukholwa ukuthi umdlali odlalela iKaizer Chiefs namaMajita, uWiseman Meyiwa, ulindwe yizinto ezinkulu e-Europe.

Iqembu lesizwe lakuleli labaneminyaka engapansi kwengu-20 libhaxabulwe ngo-2-0 yi-Italy eqoqweni layo kwabe sekuwukuphuma kwalo kumqhudelwano we-U20 World Cup ngemuva kokuthatha iphuzu elilodwa nje kuphela kwi-Uruguay, kodwa noma kunjalo, u-Evani akawuvali umlomo ngoMeyiwa.

OLUNYE UDABA: UBaxter useqoke ukaputeni omusha weBafana

Le nkakha eyayidlala esiswini, eyawina inqwaba yezindondo neRossoneri kusukela ngo-1980 kwaze kwaba ngu-1993, itshele izintatheli yathi: “Unombolo 6 weNingizimu Afrika (uMeyiwa) angase adlale e-Europe ngelinye ilanga.

“Ubeyinkathazo enkulu kuthina futhi bekuyiqhinga lethu ukumvala ukuze angalitholi ibhola, okunalokho, abadlali basemuva kudingeke ukuthi baphakamise ibhola futhi bebengenalo ithalente elingako.”

Khonamanjalo, lo mdlali oneminyaka engu-17 ubudala uthi ufunde lukhulu ngokudlala ezingeni lomhlaba.

Utshele i-website wathi: “Ufunda lukhulu uma udlala nompetha njengoba kwiNdebe yoMhlaba umuntu udlala nompetha.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.