Umqeqeshi wePirates uthi akayikhulumi kubadlali eyokuthatha eseligi

2018-03-01 18:01

Johannesburg - Umqeqeshi we-Orlando Pirates uMicho Sredojevic uthi akafuni ukufakela ingcindezi abadlali bakhe ngokuthi iBhakabhala lizosithatha isicoco se-Absa Premiership kule sizini.

Abadlali nabaqeqeshi kwiPirates abafuni ukuthi basethubeni elihle lokuthatha isicoco seligi, kodwa indawo abahlezi kuyona ibenza kubukeke kanjalo.

IPirates, elandela iMamelodi Sundowns ngamaphuzu amane, isahlulwe kanye vo ku-2018 kanti inethuba lokwenza kahle kule sizini kwazise izinto zazibhimba kakhulu ngesizini edlule.

Ukuwina kwePirates uma isibhekene neKaizer Chiefs e-FNB Stadium ngoMgqibelo ngo-15:30 kungabasiza kakhulu embangweni wesicoco seligi.

OLUNYE UDABA: IPirates imemezele abaxhasi abasha

UMicho, kodwa uthi ngeke ayikhulume eyokuwina isicoco seligi kubadlali bakhe ukuze bezodlala ngokukhululeka.

“Ngenkulu inhlonipho, ngeke sikwazi ukukhuluma ngesicoco seligi ngoba sizokwenza abadlali bangadlali ngokukhululeka. Asibayeke badlale ngokukhululeka.

"Kungani kumele sizifakele ingcindezi? Ingcindezi igcina kumina nomqeqeshi uRulani [Mokwena],” kusho umqeqeshi.

Ugcizelele elokuthi baya kunoma yimuphi umdlalo benenhloso yokuwina, wathi futhi siyeza isikhathi lapho bezokhuluma khona ngokuwina isicoco.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.