Umqeqeshi wePirates uthi umuntu nomuntu akenze 'aqashelwe khona'

2017-08-06 13:34

Johannesburg - Umqeqeshi we-Orlando Pirates uMilutin Sredojevic uthi uwuqonda kahle umsebenzi abhekene nawo kodwa ulindele ukwesekwa ngabaphathi beqembu.

USredojevic umenyezelwe njengomqeqeshi omusha ngesonto eledlule kanti ungena esikhundleni esishiywe nguKjell Jonevret maphakathi nesonto.

Sekuphele iminyaka kunamahlebezi ngabantu abathile abagxambukela emsebenzini wabaqeqeshi kuleli qembu laseMayfair, kanti amahlebezi aqine kakhulu ngemuva kokuhamba kukaMushin Ertugral ngemuva kwezinyanga ezine eqeqesha le kilabhu.

Kodwa nakuba kunjalo, ‘uMicho' ugcwele ithemba ngokuguqula izinto, kanti uthi uzoqala ngokubhekana nezinkinga eziningi asezibonile, futhi uthi wethenjiswe ukuthi uzothola ukwesekwa ngabaphathi.

OLUNYE UDABA: Usephumile sinbhedlela owayedlalela iChiefs

"Wonke umuntu kuzomele enze umsebenzi wakhe. Umsebenzi wami ukuthi usebholeni futhi ngize lapha ukuzolungisa izinkinga engizibonile emdlalweni wangoMgqibelo [bedlala neKaizer Chiefs]," kusho uSredojevic.

"Ngibonile ukuthi kunezinto ezingalungiseka. Ngizobhekana nazo izinkinga zebhola enkundleni futhi ngikholelwa ukuthi yimina uqobo ongakwenza lokho.” 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.