Umqeqeshi wePirates uvuleke amehlo ngabadlali

2017-10-23 12:30

Durban - Uvuleke amehlo umqeqeshi we-Orlando Pirates ezakhe zibambana ngo-0-0 nomkahaya iKaizer Chiefs kowe-Absa Premiership ngoMgqibelo ntambama e-FNB Stadium, eSoweto.

Lo mdlalo awuzange ube nasasasa nje ngaphambi kokuba ugijinywe kwazise abalandeli bebekulindele ukuthi ngeke ube namagoli futhi bazocazelana ngamaphuzu, kubika ILANGA.

Kubonakale ngokuthi amathikithi awo angapheli okwenze inkundla yabukeka kabi inezikhala.

Nakuba lo mdlalo ungafikanga ezingeni ebelilindelwe, uMilutin "Micho" Sredojevic ocija iPirates uthi uvuleke amehlo ngezindawo okufanele aziqinise uma sekuvulwe iwindi lokudayiselana ngabadlali ngoJanuwari.

OLUNYE UDABA: IPirates isinqamule izinkontileka zabadlali abahlanu

"Umdlalo ubumnandi futhi ngikholwa wukuthi bekufanele siwunqobe uma ubheka amathuba esiwatholile. Kodwa-ke ngivuleke amehlo ngawo ngezindawo okufanele ngiziqinise.

"Ngizophuma umkhankaso wokuthungatha umgadli kucacile ukuthi siyamdinga. Kanti nasemuva sidinga isitobha esinesipiliyoni.

"Angijabulanga neze ngalo mphumela besingenza kangcono. Ungenze ngasibona isidingo sokuthi ngiqinise isikwati sami. Umdlalo besiwuthwele uqala kwaze kwabe uyophela kodwa sangathola lutho ngalokho," kusho lo mqeqeshi odabuka eSerbia. 

 
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.