Umqeqeshi wezikaMagebhula uhlabane nendondo yokuba ngumqeqeshi ovelele

2018-02-19 16:00

eThekwini - Umqeqeshi we-Orlando Pirates uMiluton Sredojevic kanye nomdlali wasesiswini weMaritzburg United uSiphesihle Ndlovu yibona abathole izindondo zokuba wumqeqeshi kanye nomdlali ovelele ngenyanga kaJanuwari.

UNdlovu, ongumdlali odabuka e-Ashdown eMgungundlovu, uqophe umlando njengomdlali wokuqala waleli qembu wokuthola indondo yomdlali ovelele.

Ukuzimisela kwakhe kubonakale ngokuthi enze ezibukwayo emidlalweni emihlanu ayefakwe kuyona ngenyanga kaJanuwari.

Amajaji abone ukuthi uNdlovu, ongumkhiqizo wayo i-Team of Choice kusukela emazingeni aphansi, uwufezekisile umsebenzi wakhe njengomdlali wasesiswini futhi ubetshengisa olukhulu ugqozi nokuzimisela ekuvikeni abagadli bengahlaseli ngakubo.

OLUNYE UDABA:IChiefs ngeke iyifake ekhanda eyokunqoba kwayo - Komphela

Lo mdlali oneminyaka engu-21 ubudala ube nesandla ekulekeleleni iqembu lakhe lishaye ngo-3-0 iFree State Stars.

Abanye abadlali abebebheke le ndondo ngomdlali wamaBhakabhaka uLuvuyo Memela kanye nomdlali wasemuva kwiKaizer Chiefs uDaniel Cardoso noThulani Hlatshwayo, ongukaputeni weBidvest Wits.

Nomqeqeshi wamaBhakabhaka uSredojevic uyaqala ukuhlabana nendondo yokuba ngumqeqeshi ovelele wenyanga.

Lo mqeqeshi ushaye emakhanda ozakwabo okunguLuc Eymael weFree State Stars, umqeqeshi weKaizer Chiefs uSteve Komphela, uFadlu Davids weMaritzburg United kanye nomqeqeshi weBidvest Wits uGavin Hunt. 

Lo mqeqeshi uvotelwe ngo-elethu lapho wonke amajaji abandakanya abasakazi bezemidlalo basezinkundleni kanye nakumabonakude, nabahlaziyi bezemidlalo bevumelene ngokuthi ngenyanga kaJanuwari lo mqeqeshi odabuka kwelaseSerbia uliguqule kakhulu iqembu lakhe wafaka nabadlali abasha.

Imiphumela yoshintsho olwenziwe yilo mqeqeshi lubonakale ngokunyuka kweqembu lakhe ohlwini lwamaqembu e-PSL.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.