Umqondisi wodumo ezinsolweni zokubhidliza uZalo

2018-01-14 14:03

Durban - Usolwa ngokuba semkhankasweni wokuqumba phansi umdlalo kamabonakude uZalo, uDuma Ka Ndlovu, okuthiwa uwola okhilimu abalingisa kulo mdlalo, uyobafaka emdlalweni wakhe omusha awuvubelayo.

Kuzokhumbuleka ukuthi uDum Ka Ndlovu, ongumqondisi wemidlalo kamabonakude odumile, akahambanga kahle kulo mdlalo.

Kuthiwa lokhu yikho okudala ukuthi abuye ngeshodi, esekhuculula bonke okhilimu abalingisa kuZalo olukhonjiswa ku-SABC1 nsukuzonke ngezithuba zabo-20:30, phakathi nesonto.

Umthombo ongashayi eceleni uthi uDuma uqoqa kwasani, uqoqela umdlalo omusha bizwa ngeMbewu okuthiwa uzodlisela ogageni lona uZalo.

OLUNYE UDABA:ULeleti Khumalo umemezele ukuthi uyashiya kuZalo

Phakathi kwabadlali okuthiwa sebevele bayingxenye yalo mdlalo kubalwa uMpumelelo Bulose noLeleti Khumalo okuthiwa ufike wagixabezwa ngesikhundla sokuba ngumqondisi omkhulu (executive producer).

Umthombo uthi iningi labal;ingisi abazivuselelanga izinkontilake zabo kuZalo ngoba sebeya kulo mdlalo omusha kaDuma, kanti abanye kuthiwa bafuna amadlelo aluhlaza kwezinye izindawo.

"Indela enza ngayo uDuma uhamba emazwini akhe ayewashilo okuthi uzobakhombhisa abaphathi boZalo ukuthi ungubani.

"Yingakho eze wabuyisa uMpumelelo, njengoba kuZalo bamxosha ngoba efike naye, sebekhipha noma ngubani ofike naye (uDuma), bafuna ukutshengisa amandla bao," kuchaza umthombo.

Uqhuba uthi izinto zimapeketwane kuZalo, zaqala ukonakala esigabeni sesibili (kwisizini yesibili) ngesikhathi kuhamba uDuma kaNdlovu.

Uthi lo mdlalo usuze wethiwa igam,a elihthi uyispaza shop kanti eGoli ubizwa ngeKasi Story yaka-SABC 1.

Omunye umthombo ongaphakathi kulo mdlalo uvumile ukuthi izinto kazihambi kahle kuZalo, abalingisi bayashiya. 

"Kulo mdlalo omusha (Imbewu) kutonyulwe abantu abasebenza kuZalo okubalwa kubo osokhamera, abagqokisa abalingisi nabenza i-make up. 

"Laba abasele banyuselwe ezikhundleni ngoba sekuhambe laba akade bengaphezu kwabo," kuchaza umthombo.

"Lo mdlalo omusha kuthiwa kunokwenzeka ukhonjiwe ku-SABC 1 ngoba uzoncintisana noZalo, kanti futhi usuqaliwe ukushuthwa eThekwini.

Umthombo uthi umayelana nabafana ababili abangamawele, okuthi esekhulile elinye licebe lidle izambane likapondo, kuthi elinye lidle imbuya ngothi. Ngokuhamba kwesikhathi kugcina sekunengxabano enkulu.

Ethintwa uDuma KaNdlovu ngodaba ngodaba lwalo mdlalo ubuze intatheli ukuthi izithathaphi lezi zindaba ekhuluma ngazo.

Ube esecela ukuthi athunyelelwe imibuzo ngobhalonyazi kodwa kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engakaphenduli imibuzo athunyelelwe yona yintatheli.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.