Umqwayizi ungenele ikhasimende ngamazinyo ebusweni efuna imali yakhe

2016-07-07 11:33

Harare - Iphuthunyiswe esibhedlela indoda yaseChitmnotimba eVictoria Falls ngoMsombuluko ngemuva kwezinsolo zokushaywa ngumqwayizi ngenxa yokungamukhokheli.

Uthandekile Moyo, 26, ulume uWellington Maturure esihlathini waphuma igazi efuna imali yakhe elinganiselwe kwengu-R150, lokhu kuzwakale enkantolo.

OLUNYE UDABA: Usolwa ngokuxegelwa isimilo umfelokazi othandana nendoda yomuntu

Lo mqwayizi usolwa nangokushaya uMaturure ngebhodlela likabhiya.

UMoyo ulivumile icala lokushaya ngesikhathi evele enkantolo yemantshi yaseVictoria Falls ngoLwesithathu.

UMoyo utshele inakntolo ukuthi ushaye uMaturure ngoba ezivikela njengoba naye ebeshaywa kulandela ukungaboni ngaso linye.

UMoyo ugwetshwe izinyanga ezingu-8 walengiselwa ezimbili ngaphansi komgomo. Ezinye izinyanga ezingu-6 wazilengisa nazo ngaphansi komgomo wokuba enze amahora angu-210 wokusebenzela umphakathi ngokushesha.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.