Umqwayizi ushaye ikhasimende elizitike ngaye langakhokha

2017-08-22 19:29

Durban - Kuputshuke i-video etshengisa owesimame eshaya owesilisa wabe esemphuca imali.

Lo wesimame ubonakala ecindezele umlungu phansi esesha amaphakethe akhe eloku ephinda ethi “usile.”

Abazibonele ngawabo bathi lo wesimame ubehlasela lo mlisa ngoba engafuni ukukhokha ngemuva kokuthi lo wesimame 'emnike into ebeze ngayo'.

Kodwa kuzwakala lo mlisa ethi unamanga lo wesimame ngalokhu akushoyo.

OLUNYE UDABA:Kushone abantu abayisithupha ibhasi lishayisa iloli elimile

Esehamba lo wesimame uzwakala ethi: “Ungithatha kancane, ufike ulale nami bese ungafuni ukukhokha.”

Ngemuva kokuthi owesimame ehlulekile ukuthatha isikhwama salo mlungu, ubonakala ekhipha imadlana esikhwameni ngaphambi kokubaleka.

Le ndoda ebonakalayo ukuthi iqhuba imbuzi, iyazama ukusukuma icoshe izinto zayo bese ihamba lukeke.

Lesi sigameko kukholakala ukuthi senzeke eClairwood, eThekwini.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.