"Umqwayizi" washiya ingane nomastende amasonto amabili eyozijuxuza

2016-08-15 16:01

Bulawayo - Owesifazane okukholakla ukuthi ungumqwayizi usolwa ngokulaxaza ingane enonyaka owodwa izelwe amasonto amabili ngesikhathi esayozijuxuza.

USharon Sibanda, 22, waseMkoba 14 eGweru usolwa ngokushiya ingane yakhe nomasitende ngemuva kokuzenza ozosheshe abuye.

OLUNYE UDABA: Owesilisa uxabane noyise, wazimbela ithuna wathi umndeni awumbulale

UPlaxedes Magaya ongumastende wagcina esebikela amaphoyisa  ngodaba ngemuva kokuba imizuzu iphenduke izinsuku. USibanda usolwa ngokushiya ingane ingenakho ukudla namanabukeni. 

USibanda ubvele enkantolo ngecala lobudedengu bengane.

USibanda uliphikile icala imantshi yamdedela.

Umshushisi utshele inkantolo ukuthi uSibanda wacela uMagata ukuba amubhekele umntwana usaya ezitolo eMkoa 14 Business Centre wathi uzobuya manje.

"Yize kunjalo umsolwa akazange ebe esabuya wabonakala ekilabhini eMkoba 14 Business Center ngemuva kokuba umastende ebikele amaphoyisa ngokuhamba kwakhe."

USibanda wahamba ekhaya ngomhlaka-14 Juni 2016 ngezithuba zabo-17:00. Umsolwa wangabuya, uMagaya waze wabikela amaphoyisa ngomhlaka-27 Juni 2016, kubika iBulawayo24.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.