Johannesburg - Njengoba elungiselela ukukhipha i-album yakhe, mrepha wakuleli u-Okmalumkoolkat ogama lakhe lokuzalwa nguSmiso Zwane usekhethe ukuthatha ikhefu enkundleni yezokuxhumana i-Instagram.
Lesi sihlabanu owaqala ngonyaka ophelile ukuqhubeka nekhasi lakhe lika-Instagram utshele abalandeli ukuthi uthathe lesi sinqumo ngoMsombuluko wachaza ukuthi " ngisazothi ukunyamalala futhi".
OLUNYE UDABA: Okmalumkoolkat ugeqa amagule ngokuboshwa kwakhe
Akazange aze asisho isizathu salokho kodwa wafaka inqwaba yezithombe ngemuva kwesimemezelo sakhe.
Kukholakala ukuthi lesi sihlabanzi umatasa ngokuhlanganisa i-album yakhe kanti futhi akazifuni izingxoxo ezimubandakanya nabezindaba njengoba esamatasa nje.
Izindaba ezinhle kubalandeli ukuthi akanyamalali unomphelo kwezikuxhumana njengoba ethe abaqhubeke nokumlandela kuTwitter nakuFacebook, kubika iTimesLive.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter