UMroza uselaxaze iMabala Noise

2017-07-20 14:01

Durban - Umculi kamaskandi uMroza ogamalakhe langempela nguSithembiso Fakude uselaxaze isitebela asebenzela ngaphansi kwaso iMabala Noise ngenxa yokunganakwa.

Lo mculi waduma ngengoma yakhe eyashisa izikhotha ngonyaka odlule yaphinde yahlukanisa unyaka ethi Elamanqamu.

UMroza waqopha umlando ngokuba wumculi wokuqala kamaskandi ukuhlukanisa unyaka.

Ngokubika kwephephandaba iSolezwe, lo mculi useqinisekise amahlebezi okuthi usejoyine inkampani entsha iMaz Entertainment ephethwe uDkt Musa Zulu.

OLUNYE UDABA:UMroza uthi akaqonde kubukwa ngokugqebheza kwakhe

Ngokusho kwakhe, uMroza uthe: “Benginganakiwe, nekusasa lami belizophela emculweni ukube ngiqhubekile ngahlala eMabala.”

Uthi ujoyine inkampani kaZulu ngoba ebona ukuthi uzokwazi ukuwunakekela umsebenzi wakhe njengoba eseqalile nokuqopha i-albhamu entsha okulindeleke ukuba iphume ngoSepthemba.

Mayelana nemali nemoto ayithola kwa-SABC, ngesikhathi ehlukanisa unyaka okwagcina kuthiwe akayitholanga, uMroza uthe uthole konke okungokwakhe eMabala.

“Banginike konke yize ngingeke ngidalule isamba semali engasithola ukuthi yimalini,” kuchaza yena.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.