Umsakazi woKhozi ezinsolweni zokubaleka nemali yabaculi

2017-11-17 09:34

Durban - Usemanzini abilayo umsakazi woKhozi FM ofakwe kubameli yiqembu lomculo kamasikandi elimsola ngokubaleka nemali yalo emuva kokucula emcimbini kaMasipala waseMtubatuba, ogwini olusenyakatho yeKwaZulu-Natal - ubenikezwe ithenda ka-R790 000 yokuwuhlela.

Iqembu likamasikandi, aMaphikankani - eliholwa nguScelo Mkhwanazi - selifake uNgizwe Mchunu kubameli balo ngokulibambisa amaqubu entenetsha ngenkokhelo ka-R15 000 elithi bekufanele likhokhelwe wona ngokucula emcimbini walo masipala obungoMandulo (September) eMtubatuba Rugby Stadium. 

UMkhwanazi uthi imali yabo bayifuna kuNgizwe nje, yingoba bebetsheliwe besamenywa ukuthi nguyena ohlela umcimbi nobabhukhayo, kodwa akafuni ukuvela njengoba esebenza nasemsakazweni.

"Emuva kwezinsukwana kudlule umcimbi, ngithintwe nguMnu Zazi Nxele ocele ikhawunti yami lapho ngizofakelwa khona inkokhelo ethi uthunywe nguyena uMchunu. Ngimnikile i-akhawunti yami wahamba ijuba likaNowa.

"Ngibe sengixhumana noMchunu ngqo kodwa imizamo yami yaphelela eboyeni okwezithukuthuku zengcanga njengoba ubevele angaluphenduli ucingo nemiyalezo yami kaWhatsapp ayifunde maqede angayiphenduli. Ngimfaka kubameli bami nje, yingoba sengizame konke ukuxhumana naye ngehluleka," kusho uMkhwanazi.

Uthi le nto ayenzayo bayibona njengokubadelela njengoba bezwa ngosizwile ukuthi ukhokhele ngisho amavukane u-R2 000 kodwa bona beyiqembu elidala kangaka emculweni engakaze abanike ngisho indibilishi.

"Ngisuke le eGoli siyohlonipha umcimbi wangakithi ebesimenywe kuwona, sasebenzisa uphethiloli wethu maqede sangathola ngisho isenti. Kunabafana abasigidelayo abathathe imali yabazali babo ngoba benethemba lokuthi lo osiqashile uzokhokha bese nabo bathole okuncane, okungenzeki njengoba uNgizwe egweve nemali yabo.

"Umbuzo wami uthi njengoba kunabanye abaculi abebemenyiwe kodwa bagcina bengafikanga, yenziweni imali yalabo baculi. Imali yalaba abagcine bengafikanga akakhokhele ngayo labo abawuhloniphile umcimbi bacula. Sesikhathele wukwenziwa izilima nguNgizwe singabaculi. Uyasibhinqa emsakazweni ajike angasikhokheli emicimbini, ngeke sidlale yena," kusho uMkhwanazi.

Ummeli ophethe lolu daba wenkampani iScheerpes Spies Mdaka Attonerneys, uMnu Bonga Khumalo, uqinisekisile ukuthi lolu daba lusingethwe yibona.

"Ikilayenti lami lithe lizofaka nelinye icala lokubehlisa isithunzi ngokubadelela besacula esteji," kusho ummeli.

Kuthe seliyozilahla kunina elayizolo, uMkhwanazi watshela leli phephandaba ukuthi uMnu Khumalo usanda kukhuluma noNgizwe athi uthe (uMkhwanazi) uzozifakela amazinyo abushelelezi kuMasipala waseMtubatuba nakuyena uqobo ngoba yena (uNgizwe) uzokuba kule ndima kule ndima impilo yakhe yonke.

Uthi uNgizwe ubuze ukuthi uMkhwanazi unabuphi ubufakazi bokuthi bebevumelene ngo-R15 000 njengoba engazange asayine nkontileka naye. UMkhwanazi uthi uyaqhubeka nodaba ulufaka enkantolo.

Imenenja kaMasipala waseMtubatuba, uMnu Joconia Mngomezulu, ithi kuyabamangalisa ukuthi kunabaculi abangayitholile imali yabo.

"Siqashe le nkampani kaNgizwe ukuba yenze konke okumayelana nalo mcimbi, kubalwa nokukhokhelwa kwabaculi. Imali thina kade samkhokhela yona kasazi ukuthi kungani engasabaniki abaculi eyabo. Lo mcimbi besiwenzele abaculi baseMtubatuba ngenhloso yokubaveza, bavelele futhi bathuthuke, uma bengasakhokhelwa kuyasilimaza," kusho uMnu Mngomezulu.

Ethintwa uNgizwe ngalolu daba, uthe ucele ukungaphawuli lutho. Ebuzwa ukuthi bangaki abaculi abangakhokhelwe, uthe: “Kangifune kukhuluma ngalolu daba finish and klaar.” Usho kanje wavala ucingo leli phephandaba lisakhuluma naye. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.