Umsakazo ulahlekelwe u-R15m ngenxa yomsakazi - Umbiko

2016-05-03 11:31

Johannesburg - Umsakazi, owethula uhlelo iTouchdown emsakazweni weSABC phakathi kwehora lesithathu kuya kwelesithupha ntambama, kuthiwa uvale ucingo ngesikhathi efonelwa umphathi wakhe uSibongile Mtyali embuza ngokungalandeli imiyalelo.

UT-Bo Touch kuthiwa ngoMsombuluko uphinde wafaka iGospel Replenish ohlelweni lwakhe, ngaphandle kokuxoxisana noMtyali, kubika iSundayWorld.

Usolwa nangokudlala umculo othandwa nguyena kunalawo maculo ahlanganiswe umuntu obekelwe lowo msebenzi.

Lo msakazi wodumo kuthiwa walile ukuphawula wathi akubuzwe okhulumela iSABC, uKaizer Kganyago naye ongafunanga ukuphawula ngalezi zinsolo.

"UMolefe unenkinga nabaphathi okumele azilungise nabo,” usho kanje

Funda nalolu daba: UMapaputsi uphika eyokuba ushevu eKalawa

Eminye imithombo engaphakathi eSABC ikuqinisekisile ukuthi lo msakazo, iMetro FM, ulahlekelwe cishe u-R15-million ngenxa yokuthi lo msakazi wala ukufunda isikhangiso emoyeni.

Umthombo ongafunanga ukudalulwa uthi umsakazo wasayina isivumelwano sika-R15-million nenkampani yezimoto ukuba ixhase uhlelo lukaMolefe, iRush Hour bese lolu hlelo lubizwa ngeHyundai Rush Hour.

Isivumelwano sasithi lo msakazi kumele  alokhu ekubalula ukuthi lolu hlelo lubizwa nge-"Hyundai Rush Hour" kodwa yena wayelokhu ethi yiRush Hour nje  kuphela.

Kuthiwa lokhu kwaholela ekutheni inkampani yakaHyundai iyidabule inkontileka, umsakazo walahlekelwa u-R15-million.

Eminye imibiko ithi lo msakazi wabambana ngezihluthu nomunye wabadidiyeli bohlelo ngaphambi kokuba amiswe.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.