UMsamariya olungile uzosiza ngemali unogada ohlaselwe eMoses Mabhida Stadium

2018-04-24 16:01

Pietermaritzburg - Omunye wosomabhizinisi baseGoli utshengise ububele ngokusiza omunye wonogada abalimale eMoses Mabhida Stadium ngempelasonto kulandela umdlalo weKaizer Chiefs neFree State Stars.

Lo somabhizinisi, onguBlaine Josephs, uthi uzokhokhela uSabela Maziba umholo wakhe wonyaka wonke ngemuva kokushaywa kwakhe enkundleni eseThekwini ngempelasonto.

UJosephs uthintekile ngesikhathi ebona izithombe zikaMaziba eshaywa ngezihlalo, futhi ekhahlelwa abalandeli ngemuva kokwehlulwa kweKaizer Chiefs.

OLUNYE UDABA:Kulindeleke kuboshwe abanye abasolwa ngokucekelwa phansi kwempahla eMoses Mabhida

NgoMgqibelo wangomhlaka-21 Ephreli ebusuku kwaqubuka udlame eMoses Mabhida Stadium ngemuva kokuba abalandeli abebedinwe begane unwabu bangena enkundleni kulandela wukuhluleka ukubekezelela induku koweNedbank Cup.

Okwamanje kusaboshwe umuntu oyedwa, obevele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoMsombuluko ngamacala okucekela phansi impahla kanye nokudala udlame emphakathini.

 - EyethuNews

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.