Umsebenzi wethu ukuhlanza i-ANC – ANCYL

2016-12-22 10:02

Durban – UMengameli wophiko lwentsha lwe-ANC, i-ANCYL,  uCollen Maine, uthi iqembu elibusayo lidinga ukuhlanzwa.

UMaine ubekhuluma esifundweni se-ANCYL ngenkululeko yezomnotho, nebesise-Olive Convention Centre, eThekwini, ngoLwesithathu.

“Kuwumsebenzi wethu ukuhlanza i-ANC… Wonke umuntu ofuna ukuhola i-ANC kumele enze izinto, akukwazi ukuba okwamahhala kuwo wonke umuntu ngonyaka ozayo.

OLUNYE UDABA: Sibi isimo kwi-ANC eJozini

“Kwabanye bethu kumayelana nathi, hhayi abantu,” kusho uMaine.

Uphinde wagxeka abanye athi: “Bangabavikeli bongxiwankulu ebuholini be-ANC, asebekhohliwe ngomzabalazo futhi bahleli ntofontofo, bathuthwa ngezimoto zikanokusho zaseJalimane.”

Lo mholi uphinde wakhala ngokuthi inkinga enkulu kwi-ANC “uMnyango wezeziMali”.

“Yingakho Mengameli Zuma waphoqeleka ngonyaka owedlule, ukuguqula ukuqokwa kukaNgqongqoshe wezeziMali. Angazi ngempela ukuthi kungani wavumela leyo ngcindezi.”

UMaine ubekhuluma ngesinqumo saMengameli Jacob Zuma esasusa umsindo sokuqokwa kwalowo osenguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana kanye neZindaba zoMdabu, uDes van Rooyen, nowaqokwa izinsuku ezimbalwa njengoNgqongqoshe wezeziMali ngaphambi kokuba akhishwe uZuma, wafaka uPravin Gordhan.

Ube esephakamisa ukuthi ngesikhathi esizayo kumele bangamenywa abezindaba emicimbini yabo ukuze khona bezokwazi ukukhuluma ngokukhululeka. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.