Umshayeli wamatekisi 'udubule wabulala' umgibeli bexabana

2016-11-30 16:00

Johannesburg – Kuboshwe umshayeli wamatekisi ngemuva kwezinsolo zokuthi udubule wabulala umgibeli ngesikhathi bexabana enkabeni yedolobha eGoli ngoLwesibili, kusho amaphoyisa aseGauteng. 

Owesilisa uzinikele emaphoyiseni ngoLwesithathu, kusho okhulumela amaphoyisa uXoli Mbele.

UMbele uthe umshayeli wetekisi kuthiwa udubule wabulala umgibeli ngesibhamu esisemthethweni, wabe esedla phansi.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele owayesephendule indodakazi isigqila socansi

Isisulu sishonele khona lapho endaweni yesigameko.

Uthe uphenyo lokuqala luholele amaphoyisa kumnikazi wemoto okunguyena owasize ngemininingwane yomshayeli.

Kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseGoli ngoLwesibili.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.