UMshoza usethole uthando olusha

2016-08-01 20:30

Johannesburg - Umculi weKwaito owaduma ngelikaMshoza uNomasonto Maswanganyi usezitholele uthando endodeni engusomabhizinisi yaKwaZulu-Natal uThuthukani Mvula kanti kubukeka sengathi ujabulile.

UMshoza ekhuluma nephephabhuku iMove lo mculi udalule ukuthi usezitholele uthando olusha endodeni ahlangana nayo ekuqaleni konyaka ngesikhathi engajoli namuntu 'esawumahamba yedwa'.

OLUNYE UDABA: UMshoza uzame ukuzibulala

"Ngangingabathembi abantu besilisa kodwa ngase ngithatha isinqumo sokumnika ithuba ngathola ukuthi akuve ezilungele," usho njalo etshela leli phehabhuku.

"Uyabaqonda abantu besifazane ukuthi bangabantu nabo futhi badinga uthando nokuhlonishwa," usho njalo.

“Ngesikhathi ekhulumanabeDrum ngoMeyi uMshoza wasivulela isifuba ngobusuku angasoze abukhohlwa ngesikhathi eshaywa ngowayeyisoka lakhe wathi wacishe washona.

"Uyindoda enamandla, ende enkulu, mina ngimncane nje.Ngangithi uzongibulala ngempela," wezwakala esho njalo.

Yize kunjalo uthi usezitholele uphathina onothando futhi onesandla esihle.

"Savele sathandana nje kanti futhi senza konke ndawonye," usho njalo.

TMG Entatainment

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.