Umshwalense wenze iphutha ngokusulela icala esisebenzini esisemazingeni aphansi

2017-06-20 16:00

Johannesburg – Umhlaziyi wezinkundla zokuxhumana wakuleli ukholwa ukuthi inkampani yomshwalense esobishini, u-OUTsurance , awubanga nabo ubulungiswa ngesikhathi ucasha ngomsebenzi osemazingeni aphansi njengembangela yesikhangiso seFathers’ Day ‘esicwasayo’ nesisuse omkhulu umsindo kuleli.

Lokhu kube ukuphendula okutshengiska ukushaya udaka ngasohlangothini lomshwalense ukuthi ucashe ngemuva komsebenzi osemazingeni aphansi, lona ngumbono we-CEO yenkampani eyenza ucwaningo ngezobuchwepheshe, i-Strategy Worx, nophinde abe ngungoti wezinkundla zokuxhumana, uSteven Ambrose.

OLUNYE UDABA: Asabisa ngokunqamula umshwalense amakhasimende acikwe yisikhango ‘esicwasayo’

“Akusizi ukubeka iphutha lesigameko esinje ezandleni zomuntu omncane. Zonke izikhangiso kumele zigunyazwe abaphathi,” etshela iFin24.

NgoMsombuluko, iCEO yakwa-OUTsurance, uWillem Roos, uthe lesi sikhangiso esifakwe enkundleni yezokuxhumana asizange sigunyazwe yithimba labaphathi abakhulu, nokusuke omkhulu umsindo ngaso ezinkundleni zokuxhumana.

Umsindo usuke ngemuva kokuthi u-OUTSurance wenze isikhangiso seFathers’ Day nesiholele ekutheni le nkampani yomshwalense ithole okukhulu ukugxekwa ngabantu abasebenzisa uTwitter abebethukuthele beveva.

Iningi labo lisabise ngokuduba kanye nokunqamula imishwalense yabo no-OUTSurance.

Lesi sikhangiso, ebesenzelwe kuphela iFathers’ Day, besikhombisa obaba abamhlophe bechitha isikhathi nezingane zabo. Kulesi sikhangiso bekugcwele obaba abamhlophe, eyedwa kuphela owebala elinsundu.

Abantu abebethukuthele beveva kuTwitter bagxeke lesi sikhangiso ngokuthi sicwasa ngokwebala, bathi futhi sakha umqondo wokuthi obaba abamhlophe kuphela abangabazali abaqotho. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.