Umsindo ngo-R89 000 wenkonzo yesikhumbuzo kaJoe Mafela

2017-03-23 14:01

Cape Town – Sekusuke umsindo ngesamba semali engu-R89 000 okuthiwa ibifunwa yibandla  ngenkonzo yesikhumbuzo yesilomo somlingisi esisanda kudlula emhlabeni, uJoe Mafela, nobedume ngelika-‘Sdumo’.

Owayengumlingisi weGenerations, uMangaliso Ngema, ubhodlele kuFacebook ngoLwesithathu nalapho ebezwakalisa ukungenami kwakhe ngezinsolo zokuthi ibandla belifuna le mali ngokusingatha inkonzo yesikhumbuzo kaMafela.

Ngokombhalo kaNgema kule nkundla yokuxhumana, ibandla iGrace Bible Church, eliseSoweto belifuna u-R89 000 wokusingatha inkonzo yesikhumbuzo kaMafela.

OLUNYE UDABA: Kungenzeka ukuba ubulawe ukugula 'uSdumo', nakuba ebandakanyeke engozini

“Ngesikhathi uMfundisi Sono ethintwa, uthembise isaphulelo sika-R10 000. Besingekho isidingo ukusho ukuthi bekungekho sivumelwano. Le nto ingumbhedo nje. Lena kufanele kube ‘yindlu kaNkulunkulu’ esebenzela umphakathi. Inkonzo manje isizobanjelwa eJoburg Theatre ngoLwesine,” uNgema usho kanjalo.

Ngemuva kwalokho lo mlingisi ubuye waxolisa ngalo mbhalo kubangani kanye nezihlobo zikaMafela, wathi ubengabekwanga ukuthi akhulumele umndeni.

Ekhuluma ne-The Juice uNgema uthi uthukuthele wagana unwabu ngesikhathi ezwa lezi zindaba. “Ngithukuthele kabi ngesikhathi ngizwa lokho. Bengingacabangi. Kwenze kwaba nzima ngempela emndenini okuyimanje uzilile,” kusho lo mdlali.

Okunye athi kumenze wacasuka kakhulu ukuthi emasontweni ambalwa edlule ubengcwaba umngani wakhe, nalapho athi isonto linqabe laphetha ukuthi limngcwabe, likhala ngokuthi ubengayi njalo esontweni kanye nezinye izinto zebandla abengazigcini.

Abebandla iGrace Bible Church abatholakalanga ukuthi baphawule ngesikhathi bethintwa yiThe Juice kwaze kwaba kushaya isikhathi sokushicilela.

Kodwa-ke amalungu ahlukene omndeni kaMafela athintwe yiThe Juice athe awayazi indaba ka-R89 000 owafunwa yiGrace Bible Church.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.