Umsolwa ngeke afakaze ecalani abekwe lona lokubulala #KaraboMokoena

2018-04-30 13:59

Johannesburg - Ithimba labammeli bakaSandile Mantsoe, osolwa ngokubulala lowo owayeyintombi yakhe uKarabo Mokoena, lithi ngeke athule ubufakazi.

Laba bammeli bavele lokhu enkantolo eNkulu yaseSouth Gauteng bethi lo msolwa ngeke athule ubufakazi bakhe futhi bona sebeyaligoqa leli cala ngasohlangothini lwabo.

IJaji u-AJ Johnson ubuze uMantsoe ukuthi uyazi ukuthi angahle agwetshwe udilikajele.

"Yebo," kusho uMantsoe ephendula ijaji.

OLUNYE UDABA: Usagqunywe esitokisini uthisha osolwa ngokudlwengula umfundi

Ekhuluma eceleni, ummeli wakhe uVictor Simelani uthe uMantsoe ngeke athule ubufakazi ngoba umbuso uhlulekile ukunikezela ngobufakazi obuqanda ikhanda ngaleli cala.

UMantsoe usolwa ngokugwaza uMokoena wase elahla isidumbu sakhe esikhotheni lapho afike asishisa khona.

Lo msolwa uphikile ukuthi uyena owabulala le ntombi, wavuma kuphela eyokushisa isidumbu sakhe ngemuva kokuthola edindilizile efulethini lakhe.

Icala lihlehliselwe uLwesithathu lapho lizobe seligoqwa khona leli cala, kubika i-African News Agency/ANA.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.