Umsolwa uwavumile amacala amabili kwamahlanu okudlwengula

2017-08-21 16:00

eMtubatuba - Owesilisa osolwa ngokudlwengula uwavumile amacala amabili kwamahlanu abhekene nawo eNkantolo yesiFunda yaseMtubatuba, kubika iZulumand Observer.

UPhathizizwe Sibusiso Sibiya, 37, ngonyaka odlule waboshelwa inqwaba yamacala okudlwengula.

Kuthiwa lo msolwa wayehlasela abesimame abebefuna u-lift emgwaqeni ebaheha ngokubagibeza.

Wayehamba nabo abafake ehlathini nokuyilapho ayebadlwengulela khona ebasabisa ngethuluzi lokusebenza.

OLUNYE UDABA:Ziyikhalele indoda eyazama ukudlwengula isangoma emgidweni

Okhulumela amaphoyisa aseMtubatuba uCaptain Justice Hlabisa, uthi uSibiya wayetshela izisulu zakhe ukuthi uyazidlwengula ngoba imindeni yazo yabulala owakhe.

Kulaba ayebadlwengula, kwakukhona owesimame owayekhulelwe ngalesi sikhathi owayesendleleni eya emtholampilo ngesikhathi ehlaselwa.

USibiya akaqali ukuphambana nengalo yomthetho ngoba lokhu wakuqala ngo-1996 lapho ake agwetshelwa amacala ahlanganisa okugebenga, ukugqekeza nokudlwengula.

UHlabisa uthi kuyacaca ukuthi uSibiya wabanjwa waboshwa ngamacala ayewenze ngaphambilini, kodwa akaguqukanga esejele ngoba nakhu usebanjelwa amanye amacala.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.