UMthembu uthi uMakhosi Khoza uthuke ozakwabo kwi-ANC

2017-08-18 14:01

Cape Town – ILungu le-ANC ePhalamende, uMakhosi Khoza, uthuke abanye bozakwabo kwaze kwafika lapho bengasafuni ukusebenza naye, uSotswebhu omkhulu waleli qembu, uJackson Mthembu, usho kanjalo ngoLwesihlanu.

NgoLwesine uKhoza ukujezele ukugxeka kwakhe uMengameli Jacob Zuma ngesikhathi exoshwa njengoSihlalo wekomidi lemisebenzi yomphakathi.

AmaLungu amahlanu e-ANC akuleli komidi adube umhlangano ngoLwesibili. Encwadini esayiniwe, la malungu akhale ngobuholi bukaKhoza njengenkinga enkulu. UNgqongqoshe wezemiSebenzi yoMphakathi, uFaith Muthambi, naye wahluleka ukuhambela lo mhlangano.

La malungu amahlanu okungoMadala Ntombela, uSizani Dlamini-Dubazana, uRegina Lesoma, uMervyn Dirks, kanye noWilma Newhoudt-Druchen. 

OLUNYE UDABA: ICosatu neSACP bagxeke isinqumo se-ANC ngoMakhosi Khoza

UMthembu uthi uKhoza uthuke ozakwabo kwi-group yaWhatsApp yokutadisha yamalungu-ANC. Kuphinde kwaba nokunye ukujikijelana ngamazwi emhlanganweni wekomiti ngaphambi kwalokho.

UKhoza usole ozakwabo “ngokufuna kakhulu ukuqokwa njengoNgqongqoshe noma amaSekela oNgqongqoshe” kanye nokuthi abakwazi ukuhlukanisa phakathi kokuhle nokubi.

“Izinkulumo kanye nemibhalo yakhe kuFacebook iholele ekutheni avalele ngaphandle amalungu e-ANC kwaze kwafika lapho ebebengeke besakwazi ukusebenza naye njengomholi wabo,” okhulumela uMthembu, uNonceba Mhlauli, utshele iNews24.

Emyalezweni kaWhatsApp, uKhoza ubuze ngamagalelo kaDlamini-Dubazana kwezomzabalazo ngeminyaka yabo-1980, waphinde wambuza ukuthi useyakwazi yini ukusebenzisa i-computer. Uphinde wagxeka nerekhodi likaMuthambi kohulumeni basekhaya.

UKhoza akayiphendulanga imiyalezo kanye nezingcingo ashayelwa zona ngoLwesihlanu. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.