'UMugabe akangakhali uma izinduku sezibuyela ngakuyena'

2018-03-28 11:02

Harare - Isishoshosvu esimele intando yabantu sithi lowo owayengumengameli waseZimbabwe, uRobert Mugabe, akanalo ilungelo lokukhala ngohulumeni ngoba konke okwenzekayo kungumphumela wemisebenzi yakhe, kusho umbiko.

Ngokusho kombiko weNew Zimbabwe.com, ummeli wamalungelo abantu uFadzayi Mahere uthe uMugabe kumele azinuke yena amakhwapha ngokwenzeka kuhulumeni ngoba konke kungenxa yendlela abephethe ngayo.

UMugabe wagudluzwa emandleni wumbutho wezempi eZimbabwe ngoNovemba nyakenye ngemuva kokuxosha isekela lakhe u-Emmerson Mnangagwa.

Sikhuluma engxoxweni ebibanjelwe eHarare, lesi sishoshovu sithe kwakungamampunge ukuthi umbutho wezempi yiwo owathatha izintambo eqenjini elibusayo ngo-2017.

OLUNYE UDABA: UMugabe uthi uMengameli omusha akekho semthethweni

Ugcizelele ngokuthi kusukela ekuqaleni umbutho wezempi wawuyingxenye ye-Zanu-PF, ngisho nangesikhathi kusaphethe uMugabe.

UMahere uthi umbutho wezempi wawunesandla ekubambeleleni kukaMugabe emandleni isikhathi eside.

"Kungamampunge ukuthi umbutho wezempi wathatha izintambo kwiZanu-PF ngo-2017, njengoba ukade waqala ukusebenzisana neZanu-PF. Yingakho ngo-2008 waphoqa uMugabe ukuba aqhubeke nokuphatha," kucashunwa uMahere.

Lesi sishoshovu besikhuluma sibhekise ekubambezelekeni kokhetho luka-2008 okuthiwa uMugabe wakhala ngaphansi kulo ehlulwa nguMorgan Tsvangirai, ongasekho emhlabeni.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.