UMugabe kumele asike iphethini kuZuma 'otshengise ukuba ngumholi oqotho'

2018-03-13 12:30

Harare - URobert Mugabe kumele asike iphethini kulowo obengumengameli waseNingizimu Afrika uJacob Zuma atshengise ukuba "ngumholi oqotho" ngokungabambi magqubu ngokukhishwa kwakhe emandleni, kusho umbiko wephephandaba elingaphansi kukahulumeni ngoLwesibili.

Abahlaziyi batshele iHerald ukuthi yize uZuma etshengise "ukubonga" ngethuba alinikeziwe lokuhola abantu, uMugabe utshengisa ukuthi "nguye kuphela ofanelwe wukuphatha".

"UZuma wakhishwa emandleni futhi uyaziqonda izizathu zalokho, kepha thina la sinenkinga yomholi ozicabangela yena yedwa okholelwa ekutheni yonke into ethinta iZanu-PF neZimbabwe ngeyakhe nomndeni wakhe," kusho umhlaziyi uGoodwine Mureriwa.

"Into eyenziwe nguZuma kumele ivuse uMugabe emaqandeni," esho, wananela ngokuncoma isinqumo sikaZuma sokukhakhasela i-ANC KwaZulu-Natal yize aketulwa ngenyanga eyedlule.

UMugabe usethole ukugxekwa kaningana ngokweseka iqembu lamahlubuka, iNational Patriotic Front, eholwa yilowo owayengungqongqoshe kwiKhabhinethi lakhe.

OLUNYE UDABA: UZuma uyamzonda uMugabe - Malema

Lo mholi, 94, usolwa ngokuzama ukuhlakaza iZanu-PF ngenhloso yokuziphindiselela ngokukhishwa kwakhe emandleni ngoNovemba nyakenye.

I-NPF, eyesekwa nayiqeqebana leqembu elibusayo elalihambisana noGrace Mugabe, kulindeleke ukuba lingenele ukhetho ngasekupheleni kwalo nyaka.

Umhlaziyi uTafadzwa Mugwadi uchaze uMugabe "njengeqhawe eseliphenduke isitha".

"Abantu baseZimbabwe babekezela ephethe iminyaka engu-37 kodwa yena usekhathele ngemuva kwezinyanga ezintathu nje vo," kusho uMugwadi.

"Kumele abukele kuZuma ngoba iZanu-PF yameseka ngayo yonke indlela uMugabe esaphethe."

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.