UMugabe ‘usuke engalele emihlanganweni, uvikela amehlo’

2017-05-12 11:00

Harare – UMengameli waseZimbabwe, uRobert Mugabe, 93, usuke engalele uma ngabe evale amehlo akhe isikhathi eside emicimbini yomphakathi, kodwa usuke ephumuza amehlo akhe kumalambu ahlabayo, omkhulumelayo usho kanjalo ngoLwesine.

UMugabe usejwayele ukuthi ahlale amehlo akhe evaliwe izindaweni asuke ehambele kuzo, okubalwa nangesikhathi ebonakala emhlanganweni weWorld Economic Forum eNingizimu Afrika.

“Ngizizwa njengesahluleki uma ngabe kunombhalo othi uMengameli uyalala ezingqungqutheleni,” okhulumela uMengameli uGeorge Charamba ucashunwe esho kanjalo ephephandabeni likahulumeni iHerald newspaper.

“Eminyakeni engu-93, kunento eyenzekayo emehlweni futhi uMengameli akakwazi ukuhlushwa amalambu ahlabayo. Uma ubheka indlela ama ngayo, ubheka phansi, agweme ukukhanya okuza ngqo.”

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: Ubehuqa ubuthongo uMugabe engqungqutheleni eseThekwini

UCharamba uqhathanise uMugabe noNelson Mandela, nowayenenkinga yokuthi amehlo akhe ayengezwani nokukhanya kwamakhamera uma ngabe kuthathwa izithombe ngemuva kweminyaka esebenza emadwaleni ngesikhathi eboshwe eRobben Island.

“Wawungavumelekile nokuthi usebenzise ama-flash (amalambu okukhanyisa ikhamera) noma nini uma ngabe esegunjini,” usho kanje.

UMugabe, nosekuthola kunzima ukuzihambela ngaphandle kokusizwa, kuyimanje usezweni iSingapore njengokunye kokuvakasha kwakhe okujwayelekile ukuze ahlolwe ngokwezempilo.

UCharamba uthi uMengameli uthola ukwelashwa okukhethekile kwamehlo, wathi kodwa isimo sakhe sempilo sihle.

Ukuvakasha kukaMugabe emazweni angaphandle ukuze athole ukwelashwa kuhlale kuthola ukugxekwa eZimbabwe njengoba umkhakha wezempilo kuleliya lizwe ufadalele ngenxa yenkinga yezomnotho. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.