Umunyu kubulawa umuntu eMax’s Lifestyle

2016-08-16 11:32

Durban – Kube ngumunyu wodwa ngesikhathi kubulawa owesilisa okuthiwa ubeyohlangana nomngani wakhe endaweni yobumnani eMlazi, iMax’s Lifestyle.

UMlungisi Simon Chiliza, 44, kuthiwa udutshulwe abantu abebehamba ngeFord Figo, efike yama eduze kwakhe base bevulela ngenhlamvu.

Umbiko weSolezwe uthi iphephandaba lifike abantu beme izixongololo besababaza isihluku okubulawe ngaso uChiliza.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa usomatekisi obezihlalele emotweni

Umikazi wale ndawo yobumnandi uMax Mqadi uzwakalise ukushaqeka ngalesi sigameko.

“Ngeke ngande kakhulu ngamagama mayelana nalesi sigameko. Nami ngithole ucingo ngisejimini. Ngizwelana kakhulu nomndeni,” esho.

Kuthiwa uChiliza ubeyilungu lenhlangano yosomabhizinisi baseMlazi, iDelagokubona, eyake yasusa umsindo ifuna ngodli amathenda kuMasipala weTheku.

Owamaphoyisa uLieutenant Colonel Thulani Zwane usiqinisekisile lesi sigameko.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.