Umunyu kungcwatshwa umfundi waseClermont otholakale edindilize ehlathini

2017-09-19 11:01

Durban - “Kwasiza ukupheka ujeqe, ukube izingane azifikanga ngabe akatholakalanga uNonhlanhla,” kusho owesimame emngcwabeni.

Lo wesimame ubekhihla isililo ngesikhathi ethula inkulumo yakhe emngcwabeni kaNonhlanhla Gumbi oneminyaka engu-17 ubudala isidumbu sakhe esatholakale ehlathini eduze nesikole.

Kukholakala ukuthi le ntokazi ebifunda eZiphathele High School eClermont yadlwengulwa kuqala ngaphambi kokuba ibulawe.

Lo mama uthi isidumbu sale ntombazane wasibona ngoba evakashelwe yizingane zifuna aziphekele ujeqe.

“Ukube izingane azifikananga endlini zifune  ukuthi ngiziphekele ujeqe, ngabe akakatholakali namanje uNonhlanhla, ukube angiyanga ehlathini ngyotheza ukuze ngikwazi ukuphekela izingane ngabe akakatholakali namanje” kusho yena. 

OLUNYE UDABA:Isidumbu sendoda ebidukile sitholakale esiswini senhlwathi

Umama kaNonhlanhla uhlulekile ukuzibamabi wathi ngeke bufike ubuthongo kuyena bengakatholakali ababulali. Uthi izingane ekuseni zimbuza njalo usisi wazo njengoba bebejwayele ukugeza ndawonye uma beya esikoleni.

Isidumbu sikaNonhlanhla kuthiwa satholakala sibheke phezulu, iphenti lidabukile ngaphambili  khona ehlathini.

Abanagani kanye nabazali bebephume ngobuningi babo ukuzoseka umndeni, abangani ebbeefunda naye bahlulkile ukuzibamba bekhihla esikaNandi.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uColonel Thembeka Mbhele uthe amaphoyisa ayaphenya ngalesi sigameko kodwa akukaboshwa muntu.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.