Umunyu kushona ingane edubuleke ngephutha ngesibhamu sezinyoni

2016-07-22 16:03

Polokwane – Aphele kabi amaholidi esikole ngesikhathi umndeni wasePolokwane ugubezelwa yifu elimnyama ngokudlula emhlabeni kwendodakazi yawo engozini engaqondakali.

UZonika Scheepers, 13, udubuleke ngephutha ebusweni ngesibhamu sezinyoni ngoMgqibelo, inhlamvu yangena ekhaleni yadlulela ebuchosheni.

UZonika nomfowabo uPetrus, 16, bebethathe uhambo belula izinyawo nomzala wabo uFrancois Muller, 24, nomngani womndeni uConnor Mclean, epulazini elingasePolokwane, kusho omunye umzala wabo uMiché Erasmus, etshela iNetwerk24

OLUNYE UDABA: Kushone ilungu le-DA engozini engaqondakali

Leli pulazi ngelika-André du Plessis, ongumqashi kababa kaZonika.

Umndeni wakwaScheepers uhlala kuleli pulazi.

Ngokusho kuka-Erasmus, akucaci kahle ukuthi kwenzakaleni, kepha umufi ushaywe yinhlamvu ebiphuma kulesi sibhamu okukhulunywa ngaso.

Uthe abazali baZonika bakhungatheke kakhulu njengoba kudingeke ukuthi kube yibo abacisha imishini le ngane ebisixhunywe kuyo, ngemuva kokufa umqondo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.