Umunyu nentukuthelo kukhunjulwa amaphoyisa kolwaseNgcobo

2018-02-27 14:01

Ngcobo - Ziqinile ezokuphepha edolobheni elise-Eastern Cape, eNgcobo, lapho kuqhubeka khona inkonzo yesikhumbuzo yamaphoyisa amahlanu abulewe ngeledlule.

Izakhamuzi namanje zisathukuthele ngesihluku esisetshenzisiwe kubulawa amaphoyisa emphakathini ezihlala kuwo.

La maphoyisa ombutho weSouth African Police Force kanye nesosha ebese lithathe umhlalaphansi babulawe ngesikhathi behlaselwa besemsebenzini esiteshini samaphoyisa ngesonto eledlule.

Sekuboshwe abantu abahlanu mayelana nalesi sigameko sokuhlasela.

OLUNYE UDABA: Usephuthume eNgcobo uNqgongqoshe wamaPhoyisa omusha

Omunye wezakhamuzi uthi lesi sehlakalo siwushaqise kakhulu umphakathi.

“Into efana nale besingayilindele kule ndawo esihlala kuyo, isishiye sibambe ongezansi. Le ndawo kakuyona neze indawo enodlame."

Esinye isakhamuzi sithe abasolwa kumele bangayitholi ibheyili.

"Akumele banikezwe ibheyili. Kumele babolele ejele."

Ezinye izakhamuzi zithe zizizwela zinamahloni ngokuba ngezaseNgcobo kulandela lesi sigameko. "Le nto ingcolise igama ledolobha lethu."


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.