UMvikeli omusha kumele aphenye uMadonsela – ANC

2016-11-09 14:32

Johannesburg – Iqembu elibusayo, i-ANC, lifuna ukuthi uMvikeli woMphakathi omusha, uBusisiwe Mkhwebane, aphenye lowo obenguMvikeli woMphakathi ngaphambilini, uThuli Madonsela, ngokuputshuza ingxoxo phakathi kwakhe noMengameli Jacob Zuma.

Leli qembu lifuna ukwazi ukuthi uMadonsela akenzanga yini ukungaziphathi kahle kanye nokuthi akawuphulanga yini umthetho, iPublic Protector Act, kusho okhulumela i-ANC, uZizi Kodwa.

Ngaphambilini uMkhwebane ucashunwe ethi ukuputshuzwa kwale ngxoxo eqoshiwe kuwukuphula umthetho, iPublic Protector Act.

OLUNYE UDABA: Abanye abafuni iqiniso liphume – Madonsela 

UKodwa uthi, ngokuputshuza le ngxoxo emphakathini, uMadonsela usebukele phansi isithunzi kanye nokwethembeka kophenyo lwakhe ngezinsolo zokulawulwa koMbuso, kanjalo nesithunzi soMvikeli woMphakathi.

“Lokhu kuziphatha kwakha isithombe sokuthi ubengazimele emphakathini,” kusho uKodwa engeza ngokuthi kumele uMadonsela ajeze ngalokhu.

Iphephandaba, iThe Citizen, libike ukuthi uMadonsela utshele izethameli engqungqutheleni ye-Association of Black Securities Investment Professionals ukuthi uputshuze le ngxoxo ngoba efuna ukukhombisa ukuthi uZuma walithola ithuba lokuphendula imibuzo ngesikhathi sophenyo.

UZuma wathi akazange alithole ithuba lokuziphendulela.

Umbiko kaMadonsela ubuphenya izinsolo zokulawulwa koMbuso wumndeni wakwaGupta, ongabangani nomengameli Zuma.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.