'UMvikeli woMphakathi uhambisana noZuma koluthinta umbiko kaMadonsela'

2017-02-05 15:11

Johannesburg - UMvikeli woMphakathi uBusisiwe Mkhwebane kubukeka sengathi uhambisana noMengameli Jacob Zuma ekuphikiseni izincomo zikaThuli Madonsela zokuba inhloko yamajaji kube iyona eqoka ijaji elizohola uphenyo ngokulawulwa kwabandla okuMbuso ngabathile.

Engqoxweni abenayo neSunday Times kuleli sonto, uMkhwebane uthe ukholelwa ukuthi noma ngabe yiliphi ijaji, ngisho eliqokwe uZuma, lingakwazi ukuphenya ngobudlelwane bomndeni wakwaGupta neKhabhinethi likaZuma, ngoba amajaji asebenza ngokuzimele.

Ukuphawula kwakhe kuze ngemuva kokuba etshele izintatheli ukuthi nakuba efake isaziso sokuphikisa isicelo sikaZuma sokubuyekezwa koMbiko kaMadonsela, usafuna ukwalulekwa kwezomthetho mayelana nokuthi aqhubeke yini nalesi sinyathelo.

OLUNYE UDABA: Ucasule umshayeli wetekisi owaxoshwa uKhozi FM

Lokhu kwenza kubukeka sengathi uMkhwebane angase asihoxise isaziso sokuphikisa isicelo sikaZuma.

Utshele iphephandaba ukuthi basabheka ukuthi ngabe kufanele yini ukuba kube nomuntu owenza imisebenzi kamengameli.

"Amajaji asebenza ngokuzimela. Ngakho noma ngabe yiliphi ijaji lingakwazi ukwenza umsebenzi ngaphandle kokwesaba noma ukuchema.”

UMkhwebane usecele inkampani yabameli i-Adams & Adams ukuba imluleke mayelana nokuthi izincomo ziyahambisana yini nomthethosisekelo ngoba yena ukholelwa ukuthi umengameli nguyena onamandla okuqoka ijaji.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.