Johannesburg – UMvikeli woMphakathi uBusisiwe Mkhwebane usekuqinisekisile ukuthi ihhovisi lakhe liphenya iCity Power.
UMkhwebane ubekhuluma ngemuva komhlangano abenayo nababambiqhaza ehholo laseGoli ngoLwesine.
Ngasekuqaleni kwesonto, uMashaba uxoshe obebhekele ingqalasizinda, u-Anthony Still, ethi akahambisani nendlela yokubhekana nenkohlakalo kwiCity Power.
OLUNYE UDABA: Uncengwa ngobhiya oshaywe ngumqashi
Kodwa uStill uthe waxoshwa ngemuva kokungavumelani nemeya ngokumiswa kukaSicelo Xulu, ongesinye sezikhulu zeCity Power.
UMkhwebane uthe uphenyo selukuvuthondaba.
“Yebo, senza uphenyo kanti ngicabanga nokuthi selukuvuthondaba futhi sizokhipha umbiko maduzane.”