UMvikeli woMphakathi uzovakashela ehostela lodumo laseMlazi

2017-02-07 19:34

Johannesburg - Abahhovisi loMvikeli woMphakathi uBusisiwe Mkhwebane bazovakashela ehostela lodumo iGlebelands eliseMlazi, eThekwini, ngesonto elizayo kulandela esinye isigameko sokubulawa kowesilisa.

Amaphoyisa akholwa wukuthi lesi sigameko sihlobene nesodlame lwasekhaya.

Indoda, 37, itholwe idindilize phansi inenxeba lokudutshulwa esiphongweni ngoLwesihlanu olwedlule ebusuku.

OLUNYE UDABA:Kuphinde kwabulawa omunye umuntu futhi ehostela

Bekungakaboshwa muntu ngalesi sigameko.

Okhulumela uMvikeli woMphakathi u-Oupa Segalwe uthe ngesonto elizayo bazohlangana nabafake izikhalo okuyibo ababazise ngodaba lwakamuva lokubulawa komuntu kule ndawo.

Lokhu kuza ngemuva kokuba owayenguMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela evakashele kule ndawo eyophenya ngodaba lwezokuphepha kuleli hostela ngonyaka odlule.

 - TimesLive

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.