'Umyeni wami wabulawa yiphunga lendle'

2017-01-20 14:32

Johannesburg - Eminyakeni engu-11 eyedlule umphakathi waseLitha eZwelitsha wawujabule ngesikhathi umasipala uwufakela ipayipi elithutha indle, kubika iDaily Sun.

Lokhu babekubona njengesibusiso, kodwa konke lokho kwasheshe kwaphenduka usizi ngesikhathi liqhuma ngaseNdevana ndaweni yaseBerlin.

Kuthiwa ylokhu kanye okwaguqula impilo yomndeni wakwaTobati obuhlezi unukelwa yindle ubusuku nemini.

UGogo Wawi Tolbati, 76, uthe: “Sihlezi siphefumula umoya omubi osuka kuleli payipi.”

Lo gogo uthi leli phunga liqinisa kakhulu uma kuke kwanetha imvula kanti nabasebenzi bakwamasipala abazinaki izikhalazo zabo.

OLUNYE UDABA:Owesilisa ukhethe ukudla indle aphuze umchamo kunokushaywa

“Ngangibabuza ukuthi kungani leli payipi ligudla lapha emzini wami kodwa banganginaki ngoba bethi uhlelo abalusebenzisayo yilona olubakhombisa umzila okumele basebenzele phezu kwawo,” kulandisa lo gogo.

Lo gogo uthi leli phunga yilona elabulala umyeni wakhe owabulawa yisifo sofuba ngonyaka ka-2011.

“Odokotela bathola ukuthi unenkinga esifubeni kanti yikhona lokhu okumenza ahluleke ukuphefumula kahle.

“Ukugula kwakhe kwaqinisa waze waba nenkinga yezimbambo ngoba sihlezi sinukelwa yindle,” kuqhubeka lo gogo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.