Umzali ukhala ngesikole esimnikeze incwadi ethi ingane yakhe ine-HIV

2017-02-08 11:32

Johannesburg - Umama, 36, uthi uphoxeke kabi ngencwadi ayithole esikoleni sengane yakhe wathi uzimisele ngokuyikhipha kuso ayifake kwesinye.

Lo mama uthe leli sikole simnikeze incwadi okuyiyona edingekayo uma ufuna ukufaka ingane kwesinye isikole, kodwa ubengakulindele akuthole encwadini.

Kule ncwadi isikole sibhale ukuthi lo mfana, 12, wadlwengulwa ngo-2013 futhi une-HIV, unesifo sikashukela kanye nesokuwa.

Lo mama waseDe Deur uphuthume wahambisa ingane yakhe emtholampilo eyomhlolela igciwane lesandulela ngculazi wathola ukuthi akanalo.

“Angazi noma banabo yini ubufakazi bale nto abayibhalile, kodwa ngihambise ingane emtholampilo ngathola ukuthi ingumqemane.”

OLUNYE UDABA:Kushiswe isikole kubhikisha umphakathi - Umbiko

Lo mama uthe waya kulesi sikole eyofuna izimpendulo ngalokhu esakubhala kodwa wangaphumelela, kubika iDaily Sun.

“Lokhu kungishaqe kabi futhi ngikubona kuyinhlamba enkulu, lolu daba ngizoludlulisela kuMnyango wezeMfundo.”

Okhulumela uMnyango wezeMfundo u-Oupa Bodibe uthe lezi yizinsolo ezibucayi kakhulu futhi ngeke bananaze ngokuthatha izinyathelo zokuqondisa izigwegwe kuthishanhloko.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.