Umzanyana 'ubulale' izingane ngoba emonazela umama wazo

2018-03-02 19:30

New York - Umzanyana obulale izingane ezimbili ngoba emonazela umama wazo, lokhu kungokusho kwamaphoyisa aseNew York.

Amaphoyisa aseNew York athi abophe uYoselyn Ortega, 55, ngemuva kwezinsolo zokubulala uLucia Krim, 6, noLeo Krim, 2.

U-Ortega ubhekene namacala amabili okubulala kanti njengamanje usesitokisini.

Uma umsolwa egwetshwa angase abhekane nodilikajele futhi kungenzeka angawutholi ngisho noshwele.

Ngokusho kophenyo lwamaphoyisa, uMrina Krim ongunina wezingane, waqasha u-Ortega njengomzanyana wezingane zakhe ezimbili.

OLUNYE UDABA: Abasolwa badlwengule owesimame, bamshisa base bethatha izithombe

Ngobunye ubusuku, ngesikhathi uMarina efika ekhaya, wafica ugesi ucishiwe, kukhanya endlini encane kuphela.

Wathi uma evula emnyango wathola izingane zakhe seziyizidumbu kubhavu zigcwele igazi. U-Ortega wayehlezi eduze kwazo izidumbu zezingane.

Ngesikhathi u-Ortega ebona uMarina ebhalwe intukuthelo ebusweni wavele wazigwaza entanyeni ezama ukuzibulala, kodwa ngenhlanhla wasinda.

Abashushisi batshela inkantolo ukuthi umsolwa wayebulawa umona ngoMarina. U-Ortega wathatha isinqumo sokubulala izingane zaMarina ngoba efuna ukumuzwisa ubuhlungu.

Zombili izingane zazinqunywe oqhoqhoqho zinamanxeba angaphezu kwangu-30 emzimbeni.

U-Ortega kuthiwa wazama ukuvikela isenzo sakhe ngokuthi athi wayephazamisekile engqondweni ngesikhathi ebulala izingane.

 - WWWN

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.