Umzukulu kaMandela uthi ngeke esayivotela i-ANC

2017-03-17 14:01

Cape Town - Umzukulu kalowo owayengumengameli wakuleli ongasekho emhlabeni, uNelson Mandela, uNdileka, uthi ngeke esayivotela i-African National Congress (ANC), usho kanje ebuka udaba lokushona kweziguli eLife Esidimeni kanjalo nolwakwa-Sassa.

UNdileka Mandela ukhulume ngoLwesihlanu wathi lezi zinkinga ezimbili yizo ezimlahlekisele ngethemba ngeqembu.

OLUNYE UDABA: Umzukulu kaMandela uthi ngeke aqophisane noMalema

"Ngizizwa kanje, ngithukuthele futhi lesi akusiso isinqumo engisithathe ngenxa yentukuthelo. Kudala ngicabanga ngaso kanti manje sekufike ekugcineni," usho kanje tshela iNews24.

"Izinkinga ezinkulu eziholele kulesi sinqumo udaba lwase-Life Esidimeni nolwakwa-South African Social Security Agency (SASSA)."

Lo mzukulu kaMandela uthe lezi zinkinga zombili yizo ezimsizile ngokushiya kuKhongolose lungakafiki ukhetho lwango-2019.

UNdileka Mandela oneminyaka engu-52 ubudala, ongunesi, uyisizukulwana sesithathu sakwaMandela.

Uthe ngokwakhe iziguli eziphazamisekile emqondweni zaseLife Esidimeni kwakungamele zishone ngoba zazingekho buthaka emzimbeni.

Uthe udaba lwakwaSassa yilo anqume ngalo ukuthi sekwenele.

"Uma ufuna uxhaso lwemali lokwenza izinto ezizosiza abantu ezindaweni esizemaphandleni utshelwa ukuthi imali ayikho, kepha bheka nje izigidigidi zamarandi eziya kwiCash Paymaster Services zingakanani," esho.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.