UMzwandile Masina uthi uzosebenzisana noRamaphosa

2017-12-20 16:00

Johannesburg - IMeya yaseKurhuleni uMzwandile Masina uthi njengelungu likaKhongolose eliziphethe kahle, uyayamukela imiphumela yeTop 6.

UMasina uveze ukuthi uzosebenzisana noRamaphosa njengomengameli omusha we-ANC.

"Kuze kube i-ANC ingijuba ukuba ngenze enye into, ngizohlala ngiyimeya. Kumele sibeseke ubuholi obusha," kusho uMasina njengoba kuqhubeka ingqungquthela ye-ANC eNasrec.

UMasina uthi abezindaba bamcaphuna kabi ngesikhathi bebika ukuthi wathi uzokwesula esikhundleni uma kwenzeka uRamaphosa enqoba njengomengameli we-ANC.

OLUNYE UDABA: Angeke ngisebenze ngaphansi kukaRamaphosa - Masina

Odabeni olwashicilelwa yiNews24 ngo-Okthoba nonyaka, uMasina wazwakalisa ukuthi uzokwesula esikhundleni sakhe uma iSekela likaMengameli Jacob Zuma, uCryril amaphosa, ephuma phambili okhethweni lokuqokwa kobuholi be-ANC.

UMasina wayehamba noNkosazana Dlamin-Zuma, efuna ukuba kube nguye ongena kwesikaMengameli Zuma sokuba wumengameli kaKhongolose.

"Angeke ngisebenze ngaphansi kukaRamaphosa," esho etshela iNews24 ngaleso sikhathi.

UMasina wayeziphendulela ezinsolweni zamalungu egatsha lakhe, ezazithi uyayibambezela inqubo yokuqokwa kwabazongena kulesi sikhundla ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi kuqokwa uDlamini-Zuma.

''Ngizoyeka. Angisoze ngakwazi ukusebenza ngaphansi kukaRamaphosa. Ngiyamhlonipha njengomfowethu omdala, kanjalo njengomholi. Kodwa angikholelwa kulolu hlangothi akulo. Ngakho-ke angaba umholi kodwa mina ngiyaphuma," esho ngaleso sikhathi.




Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.